Isinyathelo 10

Funda

     

Genesise 30

1 URasheli wabona ukuthi wayengamzaleli uJakobe abantwana, uRasheli waba nomhawu ngodadewabo, wathi kuJakobe: Ngiphe abantwana, uma ungangiphi, ngizokufa.

2 Intukuthelo kaJakobe yayisivuthela uRasheli, wayesethi: Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu okwenqabela isithelo sesizalo na?

3 URasheli wathi: Nansi inceku yami uBiliha; ngena kuye, ukuze azalele emathangeni ami, ngakheke nami ngaye.

4 Wayesemupha uBiliha incekukazi yakhe, abe ngumkakhe; uJakobe wangena kuye.

5 UBiliha wakhulelwa, wazalela uJakobe indodana.

6 Wayesethi uRasheli: UNkulunkulu ungahlulele, futhi wezwa izwi lami, wangipha indodana. Ngakhoke waqamba igama layo ngokuthi uDani.

7 UBiliha, incekukazi kaRasheli, wabuye wakhulelwa, wazalela uJakobe indodana yesibili.

8 URasheli wayesethi: Ngokubambana ngibambene nodadewethu ngamandla kaNkulunkulu, ngamehlula; waqamba igama layo ngokuthi uNaftali. .

9 ULeya esebonile ukuthi ukhawulile ukuzala, wathatha uZilipha incekukazi yakhe, wamupha uJakobe, abe ngumkakhe.

10 UZilipha incekukazi kaLeya wazalela uJakobe indodana.

11 ULeya wayesethi: Kuza ibutho! Waqamba igama laleyondodana ngokuthi uGadi.

12 UZilipha incekukazi kaLeya yazalela uJakobe indodana yesibili.

13 Wayesethi uLeya: Yisibusiso sami! Ngokuba amadodakazi ayongibiza ngobusisiweyo. Waqamba igama layo ngokuthi u-Asheri.

14 URubheni, ngezinsuku zokuvuna ukolweni, waya wafumana amamandragora endle, wawayisa kuLeya unina. URasheli wayesethi kuLeya: Ake ungiphe amanye amamandragora endodana yakho.

15 Kepha uLeya wathi kuye: Kuncane yini ukuba uthathile umyeni wami na? Usuzothatha namamandragora endodana yami na? URasheli wathi: Ngalokho (uJakobe) uzolala nawe ngalobubusuku ngamamandragora endodana yakho.

16 Kusihlwa uJakobe wabuya endle, uLeya waya ukumhlangabeza, wathi: Ngena kimi, ngokuba impela ngikuqashile ngamamandragora endodana yami. Walala naye ngalobobusuku.

17 UNkulunkulu wamuzwa uLeya; wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesihlanu.

18 Wayesethi uLeya: UNkulunkulu unginikile umvuzo, lokhu ngamnika umyeni wami incekukazi yami; waqamba igama layo ngokuthi u-Isakhare.

19 ULeya wabuye wakhulelwa, wazalela uJakobe indodana yesithupha.

20 Wayesethi uLeya: UNkulunkulu ungiphe isipho esihle; manje umyeni wami usezohlala kimi, ngokuba ngimzalele amadodana ayisithupha; waqamba igama layo ngokuthi uZebhuloni.

21 Ngemuva kwalokho wazala indodakazi, waqamba igama layo ngokuthi uDinah.

22 UNkulunkulu wamkhumbula uRasheli, uNkulunkulu wamuzwa, wavula isizalo sakhe.

23 Wakhulelwa, wazala indodana, wathi: UNkulunkulu ususile ihlazo lami.

24 Waqamba igama layo ngokuthi uJosefa, ethi: UJehovah makangenezelele ngenye futhi indodana.

25 Kwathi uRasheli esemzalile uJosefa, uJakobe wathi kuLabani: Ngimukise ukuba ngiye endaweni yami ezweni lakithi.

26 Ngiphe omkami nabantwana bami engikusebenzelile ngabo, ngihambe, ngokuba uyawazi umsebenzi engikwenzele wona.

27 ULabani wayesethi kuye: Ake ngifumane umusa emehlweni akho. Sengibonile ukuthi uJehovah ungibusisile ngenxa yakho.

28 Wathi futhi: Nquma umvuzo wakho, ngikuphe wona.

29 UJakobe wathi kuye: Uyazi wena ukuthi ngikusebenzele kanjani, nokuthi izinkomo zakho zazinjani kimi.

30 Ngokuba wawunezinkomo eziyingcosana ngingakafika, kodwa manje sezandile, seziziningi. UJehovah ukubusisile ezinyathelweni zami; manje ngiyoyisebenzela nini eyami indlu na?

31 ULabani wathi: Ngizokuphani na? UJakobe wathi: Awuyukunginika lutho; kepha uma ungenzela lokhu, ngiyobuye ngeluse umhlambi wakho, ngiwulinde.

32 Namuhla ngiyodabula emhlambini wakho wonke, ngikhiphe kuwo zonke ezimanakanaka nezimagqabhagqabha, nazozonke izimvu ezimnyama, nezimbuzi ezimagqabhagqabha nezimanakanaka, kube ngumvuzo wami.

33 Ukulunga kwami kuyongifakazela ngesikhathi esizayo, lapho ufika uzobheka umvuzo wami ophambi kwakho, ukuthi zonke izimbuzikazi ezingemanakanaka nezingemagqabhagqabha, nezimvu ezingemnyama; lezi makuthiwe zebiwe yimi.

34 Wayesethi uLabani: Bheka makube njengezwi lakho.

35 Ngalowomuhla wakhipha izimpongo ezinemishwe nezimagqabhagqabha, nazozonke izimbuzikazi ezimanakanaka nezimagqabhagqabha, zonke ezinobumhlophe, nezimvu ezimnyama, wazinikela esandleni samadodana akhe. .

36 Wamisa ibanga lezinsuku ezintathu phakathi kwakhe noJakobe; uJakobe welusa imihlambi eseleyo kaLabani.

37 UJakobe wazithathela izinti ezimanzi zomphophula nezomalimondi nezomphelathani, wazebula imishwe emhlophe, wambula okumhlophe okusezintini.

38 Wafaka izinti azebulile emikhombeni nasemiqengqeni yamanzi phambi kwemihlambi, lapho imihlambi iza khona ukuzophuza; imihlambi yaya ngokuya iqhanyelwa lapho iyophuza.

39 Imihlambi yamitha phambi kwezinti, imihlambi yazala ezinemishwe, nezimanakanaka, nezimagqabhagqabha.

40 UJakobe wayesahlukanisa amawundlu, wabhekisa ubuso bemihlambi kwezinemishwe nakwezimnyama emhlambini kaLabani; wabeka amaqembu akhe abawodwa wangawafaka emhlambini kaLabani.

41 Kwakuthi njalo lapho umhlambi uqhanyelwa—umhlambi owabuthana kuqala—uJakobe abeke izinti phambi kwamehlo omhlambi emqengqeni ukuze uqhanyelwe phakathi kwezinti.

42 Phambi kwamehlo omhlambi owabuthana kamuva kazibekanga izinti ; lowomhlambi owabuthana kamuva kwakungokaLabani, kanti umhlambi owabuthana kuqala kwakungokaJakobe.

43 Lendoda yayisikhula kakhulu ngokwedlulele, yaba nemihlambi emikhulu, nezincekukazi, nezinceku, namakameli, nezimbongolo.

Genesise 31:1-42

1 Wayesezwa amazwi amadodana kaLabani, ethi: UJakobe uthathile konke okwakungokukababa; ngokwakungokukababa uzizuzele yonke lengcebo.

2 UJakobe wabona ubuso bukaLabani; bheka babungasenengayizolo nakuthangi kuye.

3 UJehovah wayesethi kuJakobe: Buyela ezweni lawoyihlo nasezihlotsheni zakho; ngiyokuba nawe.

4 UJakobe wathuma, wabiza uRasheli noLeya ukuba beze endle, emhlambini wakhe.

5 Wathi kubo: Ngiyabubona ubuso bukayihlo ukuthi kabusenjengayizolo nakuthangi kimi, kepha uNkulunkulu kababa unami.

6 Niyazi nina ukuthi ngimkhonzile uyihlo ngawowonke amandla ami.

7 Kepha uyihlo ungikhohlisile, waguqula umvuzo wami ngezindlela eziyishumi; kodwa uNkulunkulu kamvumelanga ukwenza okubi kimi.

8 Ukuba ubesho ukuthi: Ezimanakanaka ziyokuba wumvuzo wakho, umhlambi wonke wazala ezimanakanaka; ukuba ubesho ukuthi: Ezinemishwe ziyokuba wumvuzo wakho, umhlambi wonke wazala ezinemishwe.

9 Kanjalo uNkulunkulu uthathile imfuyo kayihlo, wayinika mina.

10 Kwathi-ke, lapho umhlambi uqhanyelwa, ngaphakamisa amehlo ami, ngabona ephusheni; bheka, izimpongo ezikhwele umhlambi zazingezinemishwe , nezimanakanaka, nezinala.

11 Ingelosi kaNkulunkunkulu yathi kimi ephusheni: Jakobe! Ngathi: Bheka, ngilapha.

12 Yayisithi: Awuphakamise amehlo akho, ubone ukuthi zonke izimpongo ezikhwele umhlambi zingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala, ngokuba ngibone konke uLabani akwenza kuwe.

13 NginguNkulunkulu waseBethele, lapho wagcoba khona insika, lapho wenza khona isethembiso kiMi; vuka manje, usuke kulelizwe, ubuyele ezweni lokuzalwa kwakho.

14 ORasheli noLeya baphendula bathi kuye: Sisenesabelo nefa endlini kababa na?

15 Asibalwanga njengabafokazi na? ngokuba wathengisa ngathi, wabhuqa intengo yethu.

16 Ngokuba yonke ingcebo uNkulunkulu ayihlwithe kubaba ingeyethu neyabantwana bethu; manje konke uNkulunkulu akutshele khona, kwenze.

17 UJakobe wayesesukuma, wakhwelisa amadodana akhe, nabakakhe emakamelini.

18 Wathatha yonke imfuyo ayizuzile, imfuyo yokufuya kwakhe ayizuze e -Phadani-Aramu, ukuba aye ku-Isaka uyise ezweni laseKhanani.

19 ULabani esehambile ukuyogunda izimvu zakhe, uRasheli weba itherafim kayise.

20 UJakobe weba inhliziyo kaLabani umAramu, ngokungamtsheli ukuthi uyabaleka.

21 Wayesebaleka nakho konke anakho; wasuka, wawela umfula, waqonda ngasentabeni iGileyadi.

22 Ngosuku lwesithathu uLabani watshelwa ukuthi uJakobe ubalekile.

23 Wayesethatha abafowabo, wamlandela ibanga lezinsuku eziyisikhombisa, wamfica entabeni iGileyadi.

24 UNkulunkulu weza kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okuhle noma okubi.

25 ULabani wayesemfica uJakobe; uJakobe wayemise itende lakhe entabeni, uLabani nabafowabo bamisa entabeni iGileyadi.

26 ULabani wathi kuJakobe: Wenzeni, lokhu webe inhliziyo yami, wathatha amadodakazi ami njengabathunjwa benkemba, na?

27 Ubalekeleni ngasese na? Webelani kimi na? Wangangitshela ngani na?; ngokuba bengizokuvalelisa ngokwenama, nangezihlabelelo, ngezigubhu nangamahabhu, na?

28 Awungivumelanga ukuba ngange amadodana ami namadodakazi ami. Manje usuntumazekile ngenxa yalokho.

29 Kusemandleni esandla sami ukwenza okubi kuwe, kepha uNkulunkulu kayihlo ukhulumile kimi ebusuku bayizolo, wathi: Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okubi noma okuhle.

30 Manje njengokuba usumuka impela, lokhu ulangazelela nokulangazelela indlu kayihlo, uzebeleni izithixo zami na?

31 UJakobe waphendula wathi kuLabani: Ngoba bengesaba; ngokuba ngithe: Mhlawumbe uzongiqhwaga amadodakazi akho.

32 Kepha lowo ozothola kuye izithixo zakho akayukusinda; qaza phambi kwabafowethu okwakho okukimi, ukuthathe. Ngokuba uJakobe wayengazi ukuthi uRasheli wayezebile.

33 ULabani wayesengena etendeni likaJakobe, nasetendeni likaLeya, nasetendeni lezincekukazi zombili, wangazithola; waphuma etendeni likaLeya, wangena etendeni likaRasheli.

34 URasheli wayewathathile amatherafim, wawafaka esihlalweni sekameli, wahlala phezu kwawo. ULabani waphumputha etendeni lonke, kepha wangawathola.

35 Wathi kuyise: Mayingabibikho intukuthelo emehlweni enkosi yami ngokuthi anginakusukuma phambi kwakho, ngokuba indlela yabesifazane iphezu kwami. Wanyalula, kepha wangawathola amatherafim.

36 UJakobe wacasuka, wamsola uLabani; uJakobe waphendula wathi ku -Labani: Yisiphi isiphambeko sami na? Yisiphi isono sami, lokhu ungizingele kangaka, na?

37 Njengoba usufunisisile kuzo zonke izitsha zami, utholeni yezitsha zonke zendlu yakho na? Yibeke lapha phambi kwabafowethu nabafowenu ukuba banqume phakathi kwethu sobabili.

38 Leminyaka engamashumi amabili bengihlezi kuwe; izimvukazi zakho nezimbuzikazi zakho kaziphunzanga; nezinqama zomhlambi wakho angizidlanga.

39 Ezidweshulwe yizilo ngangingaziyisi kuwe; yimina engangilahlekelwa; wazibiza esandleni sami, noma zebiwe emini noma zebiwe ebusuku.

40 Nganginjalo: Emini ngangiqedwa wukushisa, ebusuku ngiqedwa ngamakhaza; ubuthongo bami babubalekela amehlo ami.

41 Leminyaka engamashumi amabili bengisendlini yakho; ngakusebenzela iminyaka eyishumi nane ngamadodakazi akho omabili, neminyaka eyisithupha ngomhlambi wakho; nawe uguqule umvuzo ngezindlela eziyishumi.

42 Ukuba uNkulunkulu kababa, uNkulunkulu ka-Abrahama, uKwesaba kuka-Isaka, ubengenami, ngempela ubuyokungimukisaze. UNkulunkulu ubonile ukuhlupheka kwami nokukhathala kwezandla zami, wahlulela ebusuku bayizolo.