Gradus 7: Surely the LORD is in this place

 

Study

     

Genesise 28:10-22

10 UJakobe wayesemuka eBeriSheba, waya eHarana.

11 Wafika endaweni ethile, wahlala khona ebusuku bonke, ngokuba ilanga laselishonile; wathatha elinye lamatshe aleyondawo, walibeka ngaphansi kwekhanda lakhe, walala kuleyondawo.

12 Waphupha, bheka umkhwelo umiswe emhlabathini, isihloko sawo sifinyelela ezulwini; bheka nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zewuka kuwo.

13 Bheka, uJehovah wayemi ngaphezu kwawo; wathi: NginguJehovah uNkulunkulu ka-Abrahama uyihlo, noNkulunkulu ka-Isaka; lelilizwe olele kulo ngizolinika wena nenzalo yakho.

14 Inzalo yakho iyokuba ngangothuli lomhlaba, wena usabalele ngasentshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; ngawe nangenzalo yakho iyobusiswa yonke imindeni yomhlaba.

15 Bheka, nginawe; ngiyokulondoloza nakuphi lapho uya khona, ngikubuyisele kulelizwe, ngokuba angiyukukushiya, ngingakakwenzi lokho engikushilo kuwe.

16 UJakobe wayesephaphama ebuthongweni bakhe, wathi: Imbala uJehovah ukulendawo; mina-ke bengingakwazi lokhu.

17 Washaywa luvalo, wathi: Yeka ukwesabeka kwalendawo! Lendawo kayilutho olunye ngaphandle kwendlu kaNkulunkulu kuphela, iyisango lezulu.

18 UJakobe wavuka ekuseni, wathatha itshe abelibeke ngaphansi kwekhanda lakhe, walimisa laba yinsika, wathela amafutha esihlokweni salo.

19 Waqamba igama laleyondawo ngokuthi yiBethele; kepha kuqala igama lalowomuzi kwakuyiLuze.

20 UJakobe wenza isethembiso, wathi: Uma uNkulunkulu eyokuba nami , angilondoloze kulendlela engihamba ngayo, angiphe isinkwa sokudliwa nezingubo zokwembatha;

21 Ukuze ngibuyele endlini kababa ngokuthula, uJehovah uyokuba ngu Nkulunkulu wami.

22 Nalelitshe engilimise laba yinsika liyokuba yindlu kaNkulunkulu; nakukhokonke Jehovah oyongipha khona ngiyokunika okweshumi.